I-Akhawunti yeMzansi, yinkonzo ebhekwe ngabe-SAPO eqondene nabantu ziqu. Yindlela elula yokwamukela imali kanye nokukhipha imali noma ukukhokha. Ungaba nesiqiniseko sokuthi imali yakho iphephile ngoba akukho zindleko zenyanga, okugcina ku-akhawunti yakho, kuzothola inzalo. Akukho zimali ezikhokhwa njalo, ukhokhela nje lokho okusebenzisile. Awudingi isiliphi somholo ukuvula i-akhawunti yoMzansi. Noma ngubani angavula i-akhawunti, ngoba akukho mibandela efana nokuba nemali ethize yomholo okumele uyihole edingekayo ukuvula le-akhawunti. Ungasebenzisa ibhangi kumagatsha ePosi angu-1300 noma kumishini yama-ATM engu-8000.
Konke ukufakela izimali ePosini kwenziwa mahhala.
Qaphela: Abasebancane ngeminyaka abafisa ukuvula le-akhawunti kumele bahambe nomuntu omdala ongumnakekeli ngokomthetho noma umzali/abazali.
Hamba uye ePosini eliseduzane eNingizimu Afrika ucele u-teller ukukunikeza ifomu lesicelo.
Gcwalisa ifomu lesicelo.
Khombisa uMazisi wakho.
Khombisa ubufakazi bendawo ohlala kuyo. Njengengxenye yomthetho we-Financial Intelligence Centre Act , bonke abenzi bezicelo kumele banikeze ubufakazi bendawo abahlala kuyo. Lokhu kungenziwa ngokuthi ukhombise isitatimende sokukhokhela okusebenzisayo . Uma uqashile , ikhophi yekontraki yokuqasha iyadingeka. Uma uhlala nabazali, isitatimende esifungelwe efakazela lokhu iyadingeka.
Abasebancane ngeminyaka abafisa ukuvula le-akhawunti kumele bahambe nomuntu omdala ongumnakekeli ngokomthetho noma umzali/abazali.
Amafomu ezicelo atholakala emaPosini kulo lonke izwe.
